UMFOWETHU OWALAHLEKA

Lona osesithombeni uThamsanqa Manford Mbatha, owasuka ekhaya eMlazi ngo2013 evakashele udadewethu ePhoenix. Emva kokuhlala isikhashana kwadadewethu wabe esetholana nabangani owagcina esehlala kubona. Kwaphela nasozwanini uma abangani bezomcinga kwadadewethu bethi kade bamgcina. Saphuma inqina simfuna emakhazeni, ezibhedlela nasemajele kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Singajabula uma kungakhona osinika umkhondo ongaholela ekwazini ukuthi ukuphi nezwe noma kambe kwenzakalani ngaye. Obhalile umfowabo uBongani Mbatha otholakala kulezizinombolo: 0784002728

Leave a Reply