SINGABAKWA KHUMALO SICELA UKUFUNISWA UDADEWETHU

Ngiyabingelela ngokukhulu ukuzithoba, ngibonge nokwamukelwa eKhumulekaya.

Bengisacela ningisize ningifunise udadewethu okwigama lakhe lingu NONHLANHLA wakwa Khumalo, umntaka mawami wanyamalala ngo 1987 egcekeni eneminyaka emithathu (3) nje vho esalusana elingazi lutho, uzalwa u Sbongile (Dendy) Khumalo enodadewabo u Hlengiwe lona osesithombeni kanye nomfowabo u Bheki bonke abakwa Khumalo. babehlala eHammarsdale esgodini sase Georgedale (ngakwa VOH esitolo)

umama wami usamfuna waze waphelelwa izimali, usuku nosuku luyisilonda kithi siwumndeni ngoba asiphelele. Umawethu ubukela uKhumbulekhaya njalo ngethemba lokuthi ngelinye ilanga iNkosi izomkhumbula avele usisi wethu.

Bengicela nomphakathi uma kukhona okwaziyo ngokuthi kwenzekani ngo sisi wethu, basazise.

ayikho into ebulala umphefumulo ngokuthi ungalazi ithambo lomuntu wakini noma zikhona ezinye izinsuku lapho sike sibe nokujabula okuncane kodwa kuhlezi kuvuka nhgaphakathi ukuthi asiphelele.

Yimina Ozithobayo
uBonga Khumalo

Leave a Reply