sicela usizo ngokufuniswa uthandaze mandla nxel

Dear khumbulekhaya no sis Andile, igama lami ngu Nokukhanya Dube ngicela ningisiza ekhaya salahlekelwa umfwethu omdala igama lakhe ngu Thandaza Owen mandla nxele owayesuka eclermont e kzn sihlala kwadabeka khona eclermont Amagama abazali uthemba nosbongile ebese kuba izingane zakubo usthembisa, nokukhanya kanye no zanele nxele/Dube. Useneminyaka eminingi ahamba iyadlula kwengu 15 years lokhe ahamba ekhaya izinto zashintsha kakhulu. Siyamudinga kakhulu ukuze sizokwazi sonke ukuthola ukuphumula nenjabulo ngoba akumnandi ukulahlekelwa umuntu wakini ahambe i sikhathi eside engaziwa ukuty ukephi ulala edleni ugqokani unjani ngokwempilo lapho akhona, singajabula kakhulu uma singaluthola usizo.

Inkosi inibusise ikakhulukazi ibusise nezinhliziyo zenu nemiqondo emuhle ngokusungula loluhlelo ngokusisiza sonke singabantu lokho okusho kona ukuthi ngempela wayeqinisile uNkulunkulu nathi sonke lapha emhlabemi usidalele ukuthi sisizane ngoba umuntu angeke akwazi ukuba nenqubekela phambili engabambisene nabanye a bantu.

Ngiyabonga kakhulu

Nokukhaya

Leave a Reply