Sicela nisifunise umndeni kababa wethu e Mpolweni KZN

Sibhala sicela usizo lokuthola umndeni kababa wethu uMusa Mohamed ngokwaziwa. Owayezwa ngu-Alfred Ndlela. Umkhulu Alfred wayesebenza kumaspala wase Mngungundlovu engumshayeli wamabhasi. Owasshona engakakhuli kakhulu nobaba wethu. kubaba siyingane ezine abafana ababili namantombazane amabili sonke sizalwa ngomama abahlukene. uMusa ngokuzalwa wazalelwa endweni okuthiwa i-edendale eMngungundlovu. Ezalwa ngu-Aseo Mohamed okwakungumama wakhekhe. U baba washona ngo1993 efuna ukuya kubo eyoshintsha isibongo kodwa umama wakhe ugogo wethu waye ngafuni. Yingakho thina sibiza izibongo zomama bethu kungemsebenzi kagogo awavimbela ubaba ukuba azane nabantu bakubo. abanye bethu sidinga izinto nezimbeleko kanye nesbongo sethu ukuze ezinto ziqhube ngoba zimile kumanje. Obhala lencwadi uSiyanda Gumede, ingane yokuqala kaMusa, umfowethu ongilamayo ngu-Thando alandelwe ngu Zandile Mzobe beno Londiwe Xaba. abanye bethu bafunde baze bagogoda abanye bayasebenza. esikudingayo usiko lwakithi nesbongo konke okunye sekuyolandela. asibhekelutho kubo ngaphandle kokuthi basamukele futhi sazane. Abazithobayo zingane zika Musa Mohamed- Ndlela.

Leave a Reply