Nicela ningifunise umndeni wami

Andile ngicela ungisize ungifunise umndeni kababa wami wakwaMakhoni eRusape eZimbabwe. Ubaba wami angimazi kodwa igama lakhe kwakunguEphraim Makhoni Engikwaziyo ukuthi omunye wamadodakazi akhe uBetty Makoni oyiGender Activist kanti futhi uyifounder ye Girl Child Network. Mina nginguThembeka Jele ohlala eNewcastle eMadadeni Umama wami uFrances Jele. Ubaba nomama bahlangana eGoli besebenza e-Oaklands kuMeyer Street ngonyaka ka-1967. Ngiyawudinda kakhulu umndeni wami ngoba kunezinto ezithile ezingahambi kahle empilweni kanti nokubazi nje kukodwa kubalulekile. Siza Andile ungihlanganise nabo. Ngitholakala enambeni yakwaVodacom ethi 079 666 6313 noma kuMTN othi 083 695 5553 ngazozonke izikhathi zosuku. Ngiyabonga Andile

Leave a Reply