ngikhumbule umama wami engingamazi

Dear Andile and khumbulekhaya family

igama lami nginguBongeka Nyembe wasePongola eKZN,ngicela ningisize ningifunise umama wami engingamazi lokho ngazalwa sengize ngineminyaka engu 26 kuyimanje,ngiyamdinga kakhulu empilweni yami njengoba ngingesenababa nogogo ebekade ngethembele kubo

Bathi igama lakhe nguMandisa isibongo anginasiqiniseko kodwa bathi babembiza ngoMAKHWASHUBE.wangishiya endaweni yasedumbe kugogo,wayethandana no MOLLY MAHLATHINI NYEMBE okungubaba wami lowo batholana endaweni yasemzimkhulu lapho okuhlala khona amampondo bathi wayenomtana omdala kunami ongumfana igama lakhe uBongani

Mandisa(Makhwashube) ngicela ungikhumbule ubuye kimi ngiyakudinga kakhulu mama impilo yami inzima kakhulu angisakwazi ukuyibekezelela manje sekunzima

Ngingabonga kakhulu uma ithimba lakakhumbule khaya lingangisiza simthole uMandisa

My contacts:0795342237/0786141546 email dlaminithembile2@gmail.com

ngiyabonga
Bongeka Nyembe

Leave a Reply