NGIFUNA U JOHN CHAUKE OR JOHN NGEWNYA CHAUKE

Igama lami ngingu Nhlakanipho Makhathini ohlala eKZN ngifuna u John Chauke( mude, uyakhanya ngokwebala) osebenza ezimayini e West Deep Mine odabuka eMozambique.

Bahlangana nomawani eKhutsong ngabo 1990 esasebenza eWest Deep No2 eqashe kaMaswidi lapho kakukhona isipaza ngase Black House eKhutsong.

Akahambanga kahle eKhutsong ngoba wahamba esatshiswa uJames Hlongane/Mankwankwa naye ongowase Mozambique bebanga uMa ( Lindiwe Makhathini) wase Thekwini. Kusuka lapho abaphindanga babonana nomawani kanti mina ngase ngihleli esibelethweni sika Mama.

Ngizamile ukuyomufuna ezimayini kodwa lutho babedinga I-work number noma I-ID no. yakhe kepha ngathola I print out enengane kababa uJohn Ngwenya Chuake ene ID no. engenayo I address or i-cell number. Nayo eyasebenza isikhathi esincane ezimayini ngaphansi kwe Construction Company eseyathutha.

Ozithobayo
Nhlakanipho Makhathini

Leave a Reply