Ngicela ukufuniswa uBadelile Ndlovu

Sawubona sis Anile nethimba lekhumbulekhaya.

Ngisacela ningisize ningifunise uBadelile Ndlovu ozalwa uMamakhi Ndlovu engamgcina ngonyaka ka1984 kwaNongoma lapho esasihlala khona nabo.Ngokuzwa kwami ngobaba ongasekho naye uThimothy Qwabe wathi ekuxabaneni nomama kaBadelile umama omncane wahamba nengane wabuyela kubo eNquthu esigodini sasebasuthwini.

Ngiyabonga ocela ukufuniswa ubhuti wakhe uNkosinathi Qwabe

Leave a Reply