ngicela ukufuniswa ubaba wami

Dear Khumbule khaya

Ngiyabonga ukuthola lelithuba yize ngibhala lencwadi ngenhliziyo ebuhlungu yokungamazi ubaba wami, Igama lami ngingu Pamella Mkhize owazalwa ngo September 10 ngonyaka ka 1986 endaweni yase Showe esgodini sase Mpaphala.umama wami u Nombuso Mkhize owayehlala Emgababa endaweni ekuthiwa isemnini wahlangana nobaba wami owayesebenza kwi nkotileka thizeni,igama la baba wami u Stanley Dooka kumama wayethe ungowase Limpopo kepha nase Goli uhlalile khona,Ngokuchaza kwamama uthi ubaba wabuyela egoli esakhulelwe mina sukela lapho phindanga babonana,Ngiyacela ningifunise yena ukuthula emoyeni angikutholi.isiyangibulala kakhulu lento ngoba njalo ngaphambi kokuba ngilale ngiyakhala nankanjalo ekuseni,nenhlalo phakathi kwami nomama ayiyinhle ngenxa yobuhlungu enginabo bongamazi ubaba wami.
Ngiyabonga…obhalile Pamella mkhize(0737358097)

Leave a Reply