Ngicela Ningifunise Umndeni Kababa wami.

Sawubona Sisi Andile,

Igama lami nginguXolani Vincent Sabela, ngicela ungifinise umndeni kababa wami owayesebenza eGoli ngeminyaka yawo 1990. Igama likababa wami kwakungu Simon Msweli owayesebenza e Dry Clean ese Hilbrow engu driver.

Umama wami uthi uSimon wayeno nkosikazi ongu Uenice Nxumalo, udadewabo kungu Zandile Nxumalo.

Kuthiwa uSimon washona ngineminyaka engu 7 okusho ukuthi ngo 1993. Ekhaya kubo kuse Mtubatuba, asisazi ke isigodi sazi nje ukuthi kuse Mtubatuba.

Izinto azihambi kahle ngami akukho okuphumelelayo nje ngami, engikuzamayo kuya bhidlika konke.

Ngicela noma ubani owazi lomndeni angisize, ngingajabula kakhulu ukubathola nginethemba lokuthi impilo yami ingashitsha.

Njengamanje ngihlala e-Orange farm egoli, e Drizek Ward 3.

Leave a Reply