Ngicela ningifunise uMama engingamazi

[2016/10/23, 00:02] SISI Lindiwe: Dear khumbulekhaya

Igama lami ngingu Lindiwe Makhaye (Mshengu) ngokomshado ngazalwa ngo 1966 august, ubaba ongzalayo nguThamsanqa Lazarous Makhaye owazalelwa endaweni yasesdakeni/ Loteni okuyilapho nami ngakhulela khona.
Ngicela ningifunise umama ongizalayo ogama lakhe ngu ANNA NGWENYA, abaye bathi ungowokudabuka eMpumalanga Magason/emerlo. Wahlangana nobaba ngenkathi ubaba esebenza eGoli egarage itotal eseTransfantein/Rachell rd. Ngaleyonkathi umama kuthiwa wayehlala no Anti wakhe uAlbertina eDobsonville, behlala nobaba uShabalala.
[2016/10/23, 00:47] SISI Lindiwe: Mina bangithola ngo 1966 umama wayesenginikeza ubaba owabe esengithatha engisa ekhaya esdakeni lapho kukhona khona umndeni wakhe ngakhuliswa ugogo wami uMamshikwane Makhaye.
Isizathu esenza ngibhalele ukhumbulekhaya ukuthi abantwana nabazukulu bami bayafisa ukumbona ugogo wabo.
Ozithobayo
Lindiwe Mshengu
Cell No. 0810978144/ 0720588501

Address :House No. 130425
Mpande No. 2
Pietermaritzburg
3200

Leave a Reply