Ngicela ningifunise ubaba wami

Igama lami nginguSipho Nsibande osesithombeni, kanti ngihlala eNewcastle eMadadeni. Ngicela uKhumbul’Ekhaya angifunise ubaba wami engingakaze ngimbone. Igama likababa uFrance Masoa noma Matswa owayenguDriver eC.M.G.M. eGermiston ngeminyaka yo-1975. Angaba owasePetersburg noma eRusternburg. Engikwaziyo ukuthi ngaleyominyaka wayehlala eThembisa. Mina umama wami uNjokweni Julia Nsibande owayehlala eMorgenzon eplazini lakwaMafutha eMzinoni wabe esehamba eyohlala eNewcastle. Ubaba nomama badukelana umama ekhulelwe mina ngakho-ke ubaba angikaze ngimbone. Ngingajabula kakhulu uma ubaba engawubona lomlayezo okukanye umndeni wakhe ngoba ngiyabadinga kakhulu njengoba ngingumuntu wesilisa kunezinto ezingahambi kahle empilweni. Ngiyadinga nokumazi njengobaba wami. Ngiyezwa ukuthi naye useke wazama ukungifuna kodwa akazange alayeleke kahle.. Siza Andile ukuze impilo yami ilunge. Ongaba nolwazi angangithinta kulezinombolo :Vodacom 0721416741 noma kuMTN othi 0603498554 noma bathinte owakwami enombolweni yakwaVodacom ethi 0796666313 noma kuMTN othi 0836955553. Siyatholakala noma ngaziphi izikhathi. Ngiyabonga ngosizo lwakho Andile. Yimina uSipho Nsibande

Leave a Reply