NGICELA NINGIFUNISE UBABA WAMI UCLEMENT GINA.

Ngiyanibingelela nonke qebu lekhumbulekhaya kanye nababukeli. Bengicela usizo ngicela ningifunise ubaba wami uClement Gina owayesebenza eGoedehoop eMayini aqhashe eplazini lwaka Juma kaMnamathi. Wathi yena imvelaphi yakhe seSwazini kwaManzini esigodini sakwa Gina. Igama lamama wami ngu Nelly Mthimunye ohlala eBethal eMzinoni. Clement Gina uma ubukele ngicela ukukwazi noma umndeni noma omaziyo ngicela ningisize ningifunise ubaba wami kanye nomdeni wakhe ngoba ngifuna nje ukwazi imvelaphi yami. Ngiyacela ngisizeni.
Onolwazi angaqhumana nomamkhulu wami: Mrs Mokoena 0826779782/0715840229
Ngiyabonga ses Andile neqembu lakho.

Leave a Reply