Ngicela ningifunisa ubaba

Ngiyanibingelela Khumbulekhaya Team, ngicela ningifunisa ubaba engimazi ngo Mazinyo Excellent /Ellexent Ngcobo onodadewabo ababili u Mayvis no Eunice nabo abakwa Ngcobo, ngamigcina ngo 1972 esebenza e Dunlop EThekwini ngangiqala futhi nagcina lapho ukumbona kwakunenye ingane yentombazane engicabanga ukuthi ingudadewethu eyayikhona ngalowo nyaka kodwa ke angiyazanga igama layo mina ngizalwa u Idah Phuzani Madondo ongasekho, owayehlala kwa L Kwa-Mashu ngingajabula kakhulu ukuxhumana nomndeni wami noma nomunye wo aunty bami, ngiyabonga

Leave a Reply