Need help finding my mother.

Igama nginguNana.Ngicel ukfuniswa umama wami uNeliswa noma uNoneliswa Ndlovu ,wase Eastern cape eMount ayliff . Umama ngamgcina ngo2004 12 25 esiyisa kwaMaphumulo nodade wethu uZanele kubaba uBhekizwe Mkhize sisuka eNanda eMtshebheni ,lapho wayeqashe khona umama. Sihlukana wahamba nengane eyayisencane kakhulu,isakhasa enguMncanyane yentombazane nayo ,mina ngangineminyaka eyi6 uZanele yena eneyi4. Kuthiwa khona nendala kunami ehlala egoli awahamba ethi uyoyibheka esuka eNanda eminyakeni eyedlule eBhambayi. Uma unolwazi sicela usizo.

Leave a Reply