My missing Father and family

Sawbona Khumbule’khaya. Igama lami uNqaba Khulekani Mhlongo, ngihlala Ogunjini area eNdwedwe ngaseVerulam. Ngazalelwa ngakhulela Emthandeni kwaMaphumulo e Glendale ngaseStanger.
Ngicela ningifunise ubaba no mndeni wam owanyamalala kufudulwa izakhamizi zaseMandlanzini eRichards Bay ngo 1976. Ngokulandela umkhondo kuthiwa babakhe lakwabekwa khona u Bayside Allusaff aluminium smelter.
Nansi iminingwane yakhe:
1. Igama: Madluka Stamela Mhlongo
2. Udadewabo: Khathazile Mhlongo
3. Umfowabo amelamayo: Dalmuzi Matewu Mhlongo
4. Umfowabo omncane: John Mhlongo.
5.Umama wakhe: Magumede Mhlongo owagcina esebambisene nekhehla okuthiwa uHlaphaza

Okwakungomakhelwane: Zungu kuboka anti u Khuqubane, Mabika, Shange kuboka baba uDotile, Dube kuboka baba uMangweni no Mhlupheni, nakwaMnqayi.

Sengizamile, hhay akulungi, ngicela ningisize. Noma nje sengingathola uzalo uma bengasasekho. Ngingabonga kakhulu.

Ucingo lwami: 0712763643 noma 0827679885
Email: nqaba.khuks@ymail.com

Leave a Reply