my lost grandmother

Ngiyabingelela kuwe sisi Andile nethimba lonke likaKhumbulekhaya.My name is Busisiwe Bongiwe Zikhali ingane kaNtombemhlophe Ndlovu ozalwa uNorah Thafa Zungu owugogo wami owalahleka ngo1997 endaweni yaseMatshane Empangeni. Samfuna saze samkhipha emaphephandabeni kodwa asikaze simthole nanokuzwa umkhondo wakhe ukuthi ungakuphi asiwazi. isilonda sokulahleka kwakhe asipheli asazinoma sewashona noma usaphila kodwa inhliziyo yami ihlale imcabanga ngethemba lokuthi usaphila. Bengicela ukhumbulekhaya angisize angifunise ugogo wami bandla mina nomdeni wonke siyamdinga kakhulu ngoba nje kungasekho muntu omdala ekhaya futhi namadodakazi akhe ayamdinga kakhulu ngoba omathathu esezoshada nje. Gogo la ukhona uma usaphila siyakucela ubuye. Ngiyobonga ngosizo lweni base Khumbulekhaya noma simtholile noma singamtholanga futhi.

Leave a Reply