Missing mother of my cousin

Dear Khumbulekhaya

Ngicela ningisize ngithole umama ka Mzala wami. u Nthabiseng Moloi odabuka e Qwaqwa owashiya u Vusimuzi Moloi ongu Mzala wami ngo 1989 enonyaka nje ngokuzalwa. U Nthabiseng wahamba athi usayothenga amageu , emushiya no baba wakhe ongu malume wami ongasekho emhlabeni since ngonyaka ka 1992 owayewaziwa ngokuthi u Themba “Bra Veja” Manana. U malume wacela u mama wami u Martha Mahlangu okungu U aunty ka Vusi ukuthi ucela amunakelele , impela sahlala naye u Vusi akhuliswa abazali bami from 1 year waze waba na 16 years old. Wacela ukuyohlala ka gogo ngoba esekhulile. Manje useneminyaka engu 28 years kodwa asimutholisisi kahle ukuthi ungumuntu ophila yiphi impilo. u hamba ehlala emindenini aphinde abuye azohlala ekhaya, bese uphinda uyahamba. Ungumuntu ongathi nenqondo yakhe ayisebenzi kahle. Sicabanga no mama ukuthi masingamutholela umama wakhe angalunga ngoba mhlawumbe uhlukunyezwa ukuthi akamazi umama wakhe futhi akaze wamubona. Kukhona umuntu othi wamubona e Natal spruit kwathiwa uhlala ngakhona. sicela omaziyo noma okhe wamubona u Nthabiseng Moloi asazise.

Ngiyabonga
Lindiwe
0842870270

Leave a Reply