Looking for the Masilela Family in Witbank Mpumalanga

Dear Khumbul’ekhaya

Igama lami ngingu Ntombifuthi Masilela, ngihlala e-72150 Kanana, Sebokeng (Vaal). I was born on the 31th October 1968.

The reason why ngibhala lencwadi ukuthi ngifuna ningincede ngithole umndeni wakwa-Masilela kubo kaBaba ongizalayo u-John Mbulawa Nompuru Masilela, esadukelana nawo ngo-1979.

Indaba yami yinde kodwa ngizozama ukuyifinqa ibemfushane.
Abakwa-Masilela sabagcina ngosuku esabeka(Buried) ngalo uBaba ngo-1979 ngineminyaka engu-11. Sabagcina behlala eKhandlela (Witbank, Mpumalanga)ngasePulazini lomlungu owayebizwa noSikgama.

Kubo kaBaba ngikhumbula uMkhulu ozala uBaba, ubaba omncane u-Aaron Masilela, u-anti uCatherine, u-anti uNomadlozi owaye nguthunjana kaMkhulu.
Unkosikazi kaBaba omdala wayehlala nabo ngoba uBaba waye nesithembu,uMama (Flathah Beauty Masilela)yena wayengunkosikazi wesibili.

UMama omdala wayengu-NaMahlangu, ezinganeni zake ngikhumbula uJohannes kanye noSonny-boy ezinye izingane angisazikhumbuli.

Ukuze sigcine silahlekelene nabomndeni ngicabanga ukuthi inxabano yaba bakathi kukaMama wethu nomKhulu owaye funa sizohlala nabo ngoba uMama noBaba babe nomuzi ngapha ngaseSmall Farm (Evaton) kodwa uBaba wangcwatshelwa eMpumalanga.Weza futhi ekhaya uMkhulu ezokhuluma noMama ngokuyohlala kwethu naye kodwa uMama wala waphetha. Kwaba ukumngcina kwethu uMkhulu nabo bonke bakubo kaBaba wethu.

SenginguMama mani izingane ziyangibuza ngomkhulu wazo kanye nabakubo, kungizwisa ubuhlungu ngoba angazi ngizobatshela ini ngoba nami angizi lutho olutheni ngabo.

Ngicela uncedo lwenu Khumbul’ekhaya ukuze lemibuzo ebekade ngizibuza yona kuyo yonke leminyaka ikhone ukuphenduleka. Kumi kungasho lukhu ubuphinde ngibonane nomndeni wami futhi.

Izingane zakithi ngu Lindiwe Esther, Ntombizodwa Eva, Thembi, Fikile and Vusi Masilela.

Ngethemba ukuthi isicelo wami siyofezeka ngoba ngiyazi ukuthi nenza umsebenzi ongcomekayo emphakathini.

Uma nifuna ukuxhumana nami ngeminye imininingwane ningangibhalele ekhelini
elilandelayo: 72150 Kanana
Sebokeng, 1983
E-mail Address: tpdlangamandla@webmail.co.za Contact Number: 078 763 8675 Alternative Numbers: My daughter Tsakane Dlangamandla @ 083 5742 888/063 024 6473, Sons Sifiso Dlangamandla @ 078 881 8383 and Sibusiso @ 071 977 2812

Yimina ozithobayo
Ms N. Masilela

Leave a Reply