looking for Nozipho’s father

PO.BOX 20497
GAMALAKHE
4249
13 October 2016

Dear Khumbul’ékhaya
Igama lami ngiwu Philisiwe Sigwebela Gamalakhe (Port Shepstone). Ngibhala lencwadi ngoba ngidinga usizo, ngokufuniswa uVusi Victor Ndebele wakwa Nongoma KwaZulu, onguyise kaNozipho Sigwebela owamthola kuNontuthuzelo (NTUTHU) udadewethu ongasekho emhlabeni.

Ngokuzwa kwami, uVusi wayehlala eThekwini eNtuzuma kwamalume wakhe kungu Siwela isibongo. Udadewabo ka Vusi kungu Funani Ndebele, okunguye esasixhumana naye ngocingo esagcina silahlekelana ngenxa yokushintshwa kwezingcingo. Sesizamimile kaningana ukumthola yingakho sesibona kubalulekile ukubhalela uKhumbul’ekhaya sigcwele ithemba lokuthi sizomthola umzali kaNozipho
Nginga thokoza uma sigcina silitholile usizo ngoba ingani ihlala njalo ikhala ngokwazi uyise njengoba ingamazi kahle unina. Inkinga ukuthi noma ungayinika kangakani uthando ingane kodwa uma ungayizali kuhlezi kunesikhala sothando lwabazali.
Obhalile yimi umam’ncane ka Nozipho
UPhilisiwe Sigwebela
You can contact me on this number (063 125 3566 / 071 837 1255)
Noma uPhumzile Sigwebela (078 327 1647/ 071 811 3291) (mam’khulu wakhe)

Leave a Reply