i’m looking for my sister

Dear khumbule’khaya

Igama lami ngingu Nana Zwane (Maphisa) ngicela ningifunise usisi wami owalahleka ngo 1983/1984 wahamba nomama wakhe igama lakhe kwakungu Nomusa, igama lika mama wakhe kwakungu Namhla Mphuthi, igama lika baba ngu Bhekisisa Zwane wase Durban kwa Mashu ngokusebenza wayesebenza egoli ngaleso sikhathi lapho ahlangana khona nomama ka Nomusa bathandana, naye waye sebenza khona egoli emakhishini ngokusho kuka baba. ubaba wabe esehamba wabuyela ekhaya e Durban wayosebenzela ekhaya, ngokusho kuka baba uthi wamnika ama phone number ase khaya ne address ukuthi if ufuna ukuletha umntwana or unenkinga akwazi ukumthola kodwa umama womntwana akazange afone or alethe umntwana njenge sivumelwano sabo, uthi ubaba wazama ukufonela lapho ayesebenza khona kodwa wathola ukuthi abelungu ayesebenza kubo base bathutha kwaba ukudukelana kwabo ke, kudala sizama ukumfuna kodwa asimtholi. ngosizo lwenu andile ne thimba lakho ngiyojabula kakhulu uma ningangitholela yena, lona osesithombeni nguyena umama womntwana uNamhla Mphuthi. My contact numbers 072 862 1454/ 079 361 3813 (011) 590-0168

Leave a Reply