ARTHUR HAMBIZWE (MHAMBI) CHILI

Sanibonani kwa Khumbulekhaya. Igama lami ngu Magane Simo Chili ohlala kwa J1794 e Mlazi. Ngicela ningifunise umfowethu esahlukana naye ngo 1970 eno 9-10 years. Igama lakhe ngu Arthur Hambizwe/Mhambi Chili. Anginaso isithombe sakhe. Sasihlala naye kwa H28 e Mlazi nokhulu (ugogo) u Ma Simamane, yena ozala ubaba u Michael owashona ngo 1995. Sasizalwa omama abehlukene. Umama wakhe kwakungu Ma Nkwanyana owayehlala la ayesebenzela khona e Thekwini no Rodger, ongomunye umfowabo ka Hambizwe. Ngo 1970 u Hambizwe wathathwa umama wakhe emva kokungcwathwa kukakhulu u Ma Simamane. Kuthiwa u Hambizwe wayeseyohlala kwa Nongoma noma e Mahlabathini lapho u Ma Nkwanyana ayedabuka khona. Onolwazi angangithinta noma angishiyele umyalezo kulezinamba 083 4141 761 noma 031 361 4322. Ngiyabonga.

Leave a Reply