I am looking for my father

Igama lami ngingu Lucky Maleka from Nelspruit ,Mina nosisi wam sifuna ubaba wethu esingamazi uAlbert Maleka. Kuthiwa wayesebenza e Lydenberg eKoporasie iBadfontein ngonyaka ka1973,lapho bahlangana khona no Mama igama like mama u Sponono Emmah Magagula.base bathola thina kwathi lapho basahleli kuleyo ndawo ubaba wahamba wathi uyobabona ekhaya kubo lapho kuthiwa kuse pietersberg endaweni yakwa Chief Malebogo.kwaba ukugcinana kwabo lapho.umama akayazi lendawo kuphela nje uthi ubaba wamtjela ukuthi kubo kuse pietersberg kwa Chief Malebogo.Siyamdinga kakhulu ubaba ngoba sikhula nje asiyazi ngisho imvelaphi yethu, sikhulele lapho kuzalwa khona umama.siyacela Khumbulekhaya nisisize kakhulu simthole ubaba u Albert Maleka nawe baba lapho ukhona sicela uziveze kithi siyakudinga ngoba asikwazi ngisho nokukufanisa nje noma ngabe izihlobo zikhona futhi bayezwa ukuthi sifuna ubaba abavele think akukho okuningi esikufunayo kuphela nje sifuna ukwazi imvelaphi yethu,ayikho into nje ebuhlungu njengokukhula ungamazi ubaba wakho .siyacela kakhulu futhi singajabula uma singamthola ubaba.siyabonga obhalile ngu mntwana wakho u Lucky Maleka 0720686743.

One response to “I am looking for my father

  1. Siyajabula kakhulu ujuba khona kwale show yekhumbulekhaya,siyabonga futhi siyabonga abantu abaningi bayasizakala,sinethemba Nathi lokuthi sizomthola ubaba uAlbert Maleka owanyamalala NGO 1976 wayesebenza eLydenberg eKoporasie iBadfontein kubo kukuse pietersberg kwa Chief Malebogo.from Lucky Maleka Nelspruit

Leave a Reply