Joseph Hlatshwayo

Dear Khumbu’ekhaya

Igama lami ngingu Themba Mkhaliphi ngihlala kulelikheli elingaphezulu
Ngibhala lencwadi ngicela ningifunise ubaba wami owangishiya ngisemncane
Igama lakhe ngu Joseph Hlatshwayo
Ubaba yena udabuka eVryheid KwaZulu – Natal wayesebenza eGoli kanti futhi wayehlabelela iNgoma Busuku (iSicathamiya)
Abaziyo bathibagcina ehlala eWhite City khona eGoli
Into enginayo nje yakhe isithombe kuphela kanti okwenza ngimufune kakhulu ingane yami yomfana iyahlupha esikoleni
Abadala bathi uma kungatholakala ubaba noma umndeni kababa mayelana nezinto eziqondene namasiko izinto zizohamba kahle
Abasekhaya komama bazamile kodwa bekunzima ukukhula nomzali oyedwa nokhukhula ngaphandle kukababa ngingumfana bekunezinselelo eziningi
Abanye abantwana sikhula bebekhuluma ngobaba babo mina ziyime emthumeni
Okubuhlungu ukuthi nomama sewadlula emhlabeni zingu 05 ku April 1998
Amagama kamama ngu Emily Popy Mkhaliphi
Abanolwazi bangangithinta kuzinombolo ezilandelayo 0718903882, 0714431822, 0833300813

Leave a Reply