Ngifuna uThandi Mashaba, owahamba nendodana yami uLetlotlo

Dear Khumbulekhaya

Igama lami ngingu Esau Lefu Khwanyane, ngaziwa ngelika-Buda.
Ngokokuzalwa ngingowase-Free State, eQwaqwa, e-Mangaung, eduzane ne-Elizabeth Ross Hospital, lapho ikhaya lami likhona.
Okwamanje ngihlala e-Diepsloot, eGoli, ngokomsebenzi.
Ngicela ukubhekiswa uThandi Mashaba engahlangana naye eMandini, KwaSthebe ngo August 2012 sathandana, saze sathola umntwana uLetlotlo ngo 20 May 2013.
Ngo 03 September 2013 sahamba sonke sayohlala eGoli, e-Diepsloot.
Ngomhlaka 10 June 2014, ngonyaka odlule, uma ngifika endlini ngivela emsibenzini ngathola endlini izimpahla zami zonke zingekho, ngasala nengangikugqokile, nabo oThandi benoLetlotlo, indodana yethu, bengekho. Nomazisi wami, i-ID, ngokunjalo wahamba nawo, manje impilo yami isime ndawonye. Angiphindanga ngababona kusukela ngoko.
Kusolakala ukuthi baseMandini KwaSthebe. Abanye abamaziyo bamazi ngelika maka Bayanda benoLungelo. Osisi bakhe ngo Jabu no Sphelele Mashaba.
Ngifuna ingane yethu uLetlotlo ngidlale indawo kababa kuyo. Futhi iyangihlupha lendaba yokungazi ukuthi umntwana wami uphila mpiloni nokuthi uphatheke kanjani. Kanti futhi ingane yomfana iyamdinga ubaba ayenzele amasiko.

Ngiyabonga
EL Khwanyane

Leave a Reply