ngicela ningifunise ubabawami engingamazi noma umndeni wakhe

Dear sisi Andile igama lami ngingu Sbusiso Mvula ngihlala e Bergville ngibhalele kwakhumbulekhaya ngicela ukufuniswa ubabawami noma izihlobo zakhe igama likababawami bathi u Sunnyboy isibongo ngowakwa Ponny e Eastern Cape ubaba watholana nomama e Hammersdale ngeminyaka yo 1980 noma 1981 umama wayefundela ukuba uthisha wase ehlangana nobaba kwavela mina amagama kamama u Thuleleni Glenrose Mvula wase Bergville ngicela noma ubani ongaba nosizo axhumane nabakwakhumbula ekhaya ave kunzima uma ungumfana ukukhula ungayazi imvelaphi yakho ngoba nami ngiyafisa ukuqhubeka nempilo ngiganwe njengoba ngina 34 years manje kodwa kanjani ngingazazi ukuthi ngingubani ngiyoluthokozela kakhulu usizo lomphakathi kunye nabakakhumbulekhaya ozithobayo uSibusiso Mvula

Leave a Reply