Ngicela ningi funise ubaba wami u Victor Mabuza kanye nosisi wami uMbali Mpanza

Dear khumbulekhaya ngicela nifunise ubaba wami uVictor Mabuza ohlala egoli e gemstone Kanye nosisi wami uMbali Mpanza ohlala eLindela.sino Mbali sizalwa ngumama oyedwa kodwa sihlukene ngobaba.igama likamama uNozipho Duduzile Mpanza umama ngaphambi kokuba adlule emhlabeni wangitshela ukuthi’ uMbali wamubambisa umaMpanza odayisa ematafuleni emakethe eThekwini.akaphindange wabuya.ngiyace maMpanza lapho ukhona elindelani ngicela usihlanise nosisi wami.nawe baba lapho ukhona ngifisa ukwazana nawe ngicela uziveze.ngice ningithinte kule number 079 3864705. igama lami ngingu Nokubonga Lebohgh Msomi

Leave a Reply