Undodana owasidukela

Sanibona kwaKhumbulekhaya, ngicela ningifunisa indodana yami uNqubeko Mlambo (osesithombeni) eneminyaka ewu 17 ,eyabaleka ekhaya ngenyanga ka June 2016 emva kwengxabano esaba nayo ngosuku owabaleka ngalo. Wasuka endaweni yaseJozni kuthiwa amabombo wayewabhekise eThekwini. Wake wabonakala eMkhuze emuva kwezinsukwana ehambile kepha imzamo yokumthola ayiphumelelanga.Sicela noma ngabe ubani onolwazi noma ongasisiza ekumtholeni undana wethu ukuba athintane noKhumbulekhaya ukuze sazi ngobuphi nempilo yendodana yethu.
Ufunwa ubaba wakhe uVumani Mlambo kanye nomndeni wonke.

Ngiyabonga.

Leave a Reply